Ukubuyisana
Home ] Up ] HIV/AIDS ] [ Ukubuyisana ]

Home Up Mnu Dlamini Mnu Ngcobo

Siyanamukela ekhasini lokubuyisana.

Inhloso yalesigaba ukunikeza abantu ithuba kulabo abahlukumezeka ngobandlululo nasodlameni e-Ningizimu Africa. Siyethemba ukuthi loku kuzoba wusizo. Siyanimema ukuba nizobhala ngezinto ezanenzekela kudala eziwusizo ngokuthi nijoyine ikhasi lokubeka uvo lwabantu. Kafushane ngezepolitiki eNingizimu Africa kwaholeleka ekwakhekeni kwe TRC ngo-1995 ngaphansi kwasihlalo wa Mbishobhi u-Desmond Tutu. sanny23.gif (38530 bytes)

Emva kweminyaka engu 40 yobandlululo iANC yaba semthethweni uMandela wadedelwa ejele. Lokhu kwavulela izinhlangano indlela  ukuba zisebenze nge ntando yeningi. I Inkatha eyayiholwa inkosi uButhelezi yazikhipha ezinkulumeni wase esabisa ngokuthi ngeke avote. Lokhu kwaholela ezimpini phakathi kwabalandeli be ANC neIFP kwazulu Natal (lapho inkatha inabalandeli abaningi khona ). Ithimba lezokuphepha lase S.A lanika iIFP ithuba lokufunda ngezempi laba nika nezibhamu.

Empophomeni  (ilokishi elikwaZulu Natal) imbangela yempi kwaba yisiteleka sango 1985 sase Samcol okuyinkampani enkulu endaweni. Iningi  lenyunyana   yoshop stewards kwabe kuyi ANC, abathathelwa amalunga eIFP imisebenzi.  Lokhu kwaholela empini eMpophomeni.  Izindlu zashiswa,  izikole zavalwa nabantu balahlekelwa izimpilo zabo.

iTRC yasungulelwa ukuveza amaqiniso ngezinto ezimbi ezenzeka kudala. Abahlukumezeka ngodlame macala onke beza kwi khomishane ukuze bathole izinxehezelo.  Ababhebhezeli bodlame babezonikwa ushwele ekugwetsheni uma besho lonke iqiniso ngokwakwenzeka ngodlame. trc.gif (11182 bytes)