Emva kweminyaka engu 40
yobandlululo iANC yaba semthethweni uMandela wadedelwa ejele. Lokhu kwavulela izinhlangano
indlela ukuba zisebenze nge ntando yeningi. I
Inkatha eyayiholwa inkosi uButhelezi yazikhipha ezinkulumeni wase esabisa ngokuthi ngeke
avote. Lokhu kwaholela ezimpini phakathi kwabalandeli be ANC neIFP kwazulu Natal (lapho
inkatha inabalandeli abaningi khona ). Ithimba lezokuphepha lase S.A lanika iIFP ithuba
lokufunda ngezempi laba nika nezibhamu.
Empophomeni (ilokishi elikwaZulu Natal) imbangela yempi kwaba
yisiteleka sango 1985 sase Samcol okuyinkampani enkulu endaweni. Iningi lenyunyana
yoshop stewards kwabe kuyi ANC, abathathelwa amalunga eIFP imisebenzi. Lokhu kwaholela empini eMpophomeni. Izindlu zashiswa,
izikole zavalwa nabantu balahlekelwa izimpilo zabo.