Igama |
Jerremiah Fano Dlamini |
Kwenzakala nini? |
Ngo-1985 |
Kwakweniwelani? |
Abantu babengathokozile ngamaholo ababewahola , batshela abaqashi babo
kodwa abazange baze babasize.Base beqala ukucabanga ukuthi bazokwenzenjani base bejiyina
inyunyana .Akusibo bonke abenza lokho kodwa ilabo abangamalunga e-ANC, Amalunga e-IFP
awazange ayijoyine inyunyana ,Ilapho ke kwaqala ingxabano phakathi kwe-IFP ne-ANC
ngaphakathi eSamcol.Kwase kuqaleka amaqembu ayezibiza ngokuthi Amakati ,Amagundane.Konke lokhu kwaholeleka engxabanweni
lapho kwafa khona abantu abaningi. Emva kwezinyanga ezimbalwa isiteleka siqalile
,abasebenzi batshelwa ukuthi abathathe izikhwama zabo bahambe ngaphandle kokuthi
kuxoxiswane namaqashi babao bangcina bengayitholanga imali yabo. |
Waphatheka kanjani ? |
Ngaphatheka kabi , namanje akukabi ngcono. |
Waphazamiseka ngandlelani ? |
Selokhu ngavelelwa ilesi siwombe umndeni wami waqala ukulamba ngoba nami ngalahlekelwa umsebenzi. |
Usacabanga ngalokho? |
Yebo,ngoba ngoba namanje ngisalindele
isinxephezelo. |
Bakhona obaziyo abafa lapho? |
Yebo baningi abafa. |
Akukho ongakuthasisela? |
Izingane zami aziyanga
esikoleni ngoba ngangingenayo imali.Ngisalindili namanje. Lokho okuzokwenza impilo yami
iqhubeke. Okubuhlungu kakhulu ukuthi kwangithatha
iminyaka engu-15 ukuthola umsebenzi omusha. |