Mnu Ngcobo
Home ] Up ] Mnu Dlamini ] [ Mnu Ngcobo ]

Home Up

Lucky Sthenjwa Horace Ngcobo

Uthisha wase Mpophomeni High School

Ngcobo.gif (21956 bytes)

Ukubandakanyeka kwezepolitiki:

Ngicabanga ukuthi ukuqala kwami ukwazi ngepolitiki ingamhla ngiye emhlanganweni elokishini lase Lamontville eThekwini owawuphethwe umfundisi Xulu esontweni lakhe.  Kwakungu nyaka ka 1884 ngangineminyaka engu 14.  Ekuhlaleni kwami e-Lamontville ngazi ngeUnited Democratic Front nobudlelwane bayo ne A.N.C.  Ngaqhubeka ngazi ngezinye izinhlangano nabaholi bazo abasebefile ,  beboshiwe noma bedingisiwe.  Kusukela lapho ngazizwa nginogqozu kakhulu kwezepolitiki.  Emnyakeni elandelayo ngakhethwa ukuba ngibe yilunga le UDF elimele abafundi esikolieni.

I UDF yayisebenza kakhulu nentsha emalokishini.  Ngaba owokuqala e-Mbali ukuba yilunga.  Ngakhethwa ukuba ngibe usekela sihlalo we Ashdown Youth Organisation ,   saba nemashi yokuphikisana nomthetho ophikisana nokukhethwa kwamakhansela abamhlophe emalokishini,  ngokuphatha uhlelo lwamabhasi amaspala nezinye izinto zelokishi.  Ngoyaka ka 1985 sasungula ithimba lezikhalazo zabafundi Sasiphikisana nokuvakasha kuka Piet Koornhoof (Ngicabanga ukuthi wayengungqongqoshe wezemfundo ngalesosikhathi) 

Esikoleni sasivamise ukuteleka ngezinto ezifana nalezi:  Ukudedelwa kwamaqabane ayeboshiwe.  Kwakuba yindoda  yaselokishini eyayizofika nezinhlobo zezikhali ezisiphoqa ukuba singene emakilasini.  Ekugcineni sathola ukuthi wayeyiluna leNkatha.  Kusukela ngalesosikhathi  isimo sashintsha ekuphikisaneni nomthetho wabamhlophe owawubusa salwa neNkatha.   

Imbangela yempi yenzeka ngesikhathi umphakathi waseMbali uvukela umbuso wokusebenza kwamabhasi. Baningi abantu abafa abanye balahlekelwa amatekisi abo, imizi.  Ngokushesha emva kwalokho Inkatha yahlasela ilokishi lami.  Emva kwempi engabanga nokuchitheka kwegazi yonke into yaphenduka impi.  Abantu babefa ngapha nangapha.  Ngalesosikhathi ngangihamba ngicasha ngoba ikhaya lami lase licekelwe phansi  I naktha.  Amaphoyisa endawo ayesifuna.  Baningi abaholi bentsha abafa ngalesosikhathi .

Ngakwazi ukubhala uMatikuletsheni wami ngonyaka ka1989 ngaqhubeka ngafundela ubuthishela.  Ezepolitiki zangiphazamisa kakhulu empilweni yami.  Ngalahlekelwa izihlobo, abangani, amaqabane, indawo kokunye ngalahlekelwa ukuzizwa ngingumuntu.  Kwangihlukumeza ngendlela engachazeki. 

Imiphumela yeKhomishana yamaqiniso Ngaphambi kokubheka ukuthi iTRC iyaphumelela ukuletha uxolo ezizweni ezahlukene,imiphakathi namaqembu ezweni lethu,Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukubakhona kwe lalithimba. Lokhu kukombisa ukuthi ipolitiki izoletha usizo noxolelwano ezintweni ezadalwa ubandlululo kulelizwe.

Kukhokonke iT.R.C  iqubekela phambili yize kukhona abangathokozile.

Inkinga ngabanye abantu ukuthi iT.R.C bayithatha njenge thuluzi lezepolitiki abangaziphindiselela noma bathole okuthize ngayo. 

Imiphumela yeKhomishana yamaqiniso:

Ngaphambi kokubheka ukuthi iTRC iyaphumelela ukuletha uxolo ezizweni ezahlukene,imiphakathi namaqembu ezweni lethu,Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukubakhona kwe lalithimba. Lokhu kukombisa ukuthi ipolitiki izoletha usizo noxolelwano ezintweni ezadalwa ubandlululo kulelizwe.

Kukhokonke iT.R.C iqubekela phambili yize kukhona abangathokozile.

Inkinga ngabanye abantu ukuthi iT.R.C bayithatha njenge thuluzi lezepolitiki abangaziphindiselela noma bathole okuthize ngayo.

I T.R.C ,Nelson Mandela no bhishobhi Tutu abalethi boxolelwano ezweni lethu. Ibona abangenza ukuthi ngikwazi ukuxolela osopolitiki ababeletha izinyembezi empilweni yami.Sengikwenzile lokho kodwa akulula ukukhohlwa.lokho kwenziwa ukuthi kusekhona ezinye izinto ezisangenza  ngikhumbule ukugcinazeleka, ukuhlukumezeka nokufa kwabantu.

Kuvele kucace ukuthi ayikho into angingayenza ukuyeka ukucabanga ngezigameko ezindala. Uma kumele kube nje, akube njalo.