|
Ukubandakanyeka
kwezepolitiki:
Ngicabanga ukuthi ukuqala kwami ukwazi ngepolitiki
ingamhla ngiye emhlanganweni elokishini lase Lamontville eThekwini owawuphethwe umfundisi
Xulu esontweni lakhe. Kwakungu nyaka ka 1884
ngangineminyaka engu 14. Ekuhlaleni kwami
e-Lamontville ngazi ngeUnited Democratic Front nobudlelwane bayo ne A.N.C. Ngaqhubeka ngazi ngezinye izinhlangano nabaholi
bazo abasebefile , beboshiwe noma
bedingisiwe. Kusukela lapho ngazizwa
nginogqozu kakhulu kwezepolitiki. Emnyakeni
elandelayo ngakhethwa ukuba ngibe yilunga le UDF elimele abafundi esikolieni. I
UDF yayisebenza kakhulu nentsha emalokishini. Ngaba
owokuqala e-Mbali ukuba yilunga. Ngakhethwa
ukuba ngibe usekela sihlalo we Ashdown Youth Organisation ,
saba nemashi yokuphikisana nomthetho ophikisana nokukhethwa kwamakhansela
abamhlophe emalokishini, ngokuphatha uhlelo
lwamabhasi amaspala nezinye izinto zelokishi. Ngoyaka
ka 1985 sasungula ithimba lezikhalazo zabafundi Sasiphikisana nokuvakasha kuka Piet
Koornhoof (Ngicabanga ukuthi wayengungqongqoshe wezemfundo ngalesosikhathi) Esikoleni
sasivamise ukuteleka ngezinto ezifana nalezi: Ukudedelwa
kwamaqabane ayeboshiwe. Kwakuba yindoda yaselokishini eyayizofika nezinhlobo zezikhali
ezisiphoqa ukuba singene emakilasini. Ekugcineni
sathola ukuthi wayeyiluna leNkatha. Kusukela
ngalesosikhathi isimo sashintsha
ekuphikisaneni nomthetho wabamhlophe owawubusa salwa neNkatha. Imbangela
yempi yenzeka ngesikhathi umphakathi waseMbali uvukela umbuso wokusebenza kwamabhasi.
Baningi abantu abafa abanye balahlekelwa amatekisi abo, imizi. Ngokushesha emva kwalokho Inkatha yahlasela
ilokishi lami. Emva kwempi engabanga
nokuchitheka kwegazi yonke into yaphenduka impi. Abantu
babefa ngapha nangapha. Ngalesosikhathi
ngangihamba ngicasha ngoba ikhaya lami lase licekelwe phansi I naktha. Amaphoyisa
endawo ayesifuna. Baningi abaholi bentsha
abafa ngalesosikhathi . Ngakwazi
ukubhala uMatikuletsheni wami ngonyaka ka1989 ngaqhubeka ngafundela ubuthishela. Ezepolitiki zangiphazamisa kakhulu empilweni yami. Ngalahlekelwa izihlobo, abangani, amaqabane,
indawo kokunye ngalahlekelwa ukuzizwa ngingumuntu. Kwangihlukumeza
ngendlela engachazeki. Imiphumela yeKhomishana
yamaqiniso Ngaphambi kokubheka ukuthi iTRC iyaphumelela ukuletha uxolo ezizweni
ezahlukene,imiphakathi namaqembu ezweni lethu,Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukubakhona
kwe lalithimba. Lokhu kukombisa ukuthi ipolitiki izoletha usizo noxolelwano ezintweni
ezadalwa ubandlululo kulelizwe. Kukhokonke iT.R.C iqubekela phambili yize kukhona abangathokozile. Inkinga ngabanye abantu ukuthi
iT.R.C bayithatha njenge thuluzi lezepolitiki abangaziphindiselela noma bathole okuthize
ngayo. Imiphumela
yeKhomishana yamaqiniso:
Ngaphambi kokubheka ukuthi iTRC
iyaphumelela ukuletha uxolo ezizweni ezahlukene,imiphakathi namaqembu ezweni
lethu,Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukubakhona kwe lalithimba. Lokhu kukombisa ukuthi
ipolitiki izoletha usizo noxolelwano ezintweni ezadalwa ubandlululo kulelizwe. Kukhokonke iT.R.C iqubekela phambili yize kukhona abangathokozile. Inkinga ngabanye abantu ukuthi
iT.R.C bayithatha njenge thuluzi lezepolitiki abangaziphindiselela noma bathole okuthize
ngayo. I T.R.C ,Nelson Mandela no
bhishobhi Tutu abalethi boxolelwano ezweni lethu. Ibona abangenza ukuthi ngikwazi
ukuxolela osopolitiki ababeletha izinyembezi empilweni yami.Sengikwenzile lokho kodwa
akulula ukukhohlwa.lokho kwenziwa ukuthi kusekhona ezinye izinto ezisangenza ngikhumbule ukugcinazeleka, ukuhlukumezeka nokufa
kwabantu. Kuvele kucace ukuthi ayikho
into angingayenza ukuyeka ukucabanga ngezigameko ezindala. |