Ingxenye 2
Home ] Up ] Ingxenye 1 ] [ Ingxenye 2 ] isiLinganiso ]

Home Up


Sahamba sayovakashela uThandi (akusilo igama lakhe langempela). Uhlala endlini encane eMphophomeni, lendlu kunzima ukuhlala kuyona kodwa kubonakala ukuthi uyakwazi ukuphila khona. Akasebenzi uphila ngokusizwa umndeni wakhe, ilapho ethembele khona. 

Unegciwane leNgculazi kodwa uzama ngokusemandleni akhe ukondla umndeni wakhe ngaphansi kwalezo zingqinamba. Ingane yakhe yashona ngokukhulu ukuzuma, wakholwa ukuthi ibulewe umkhuhlane.  

Akanawo umndeni asondelene nawo uhleli eyedwa sonke isikhathi. Umfowabo wadutshulwa wafa ngo1980 yiphoyisa elalikholwa ukuthi wayebandakanyeka odlameni lweANC ne IFP, kodwa wayehlala ehla enyuka nemigwaqo.